Posts

Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli

Nginesifiso sokuthi basale ku2017 ovilavoco bezintatheli kakhulukazi lapha emisakazweni yomphakathi asibadingi ku2018. Ake nihlukane nobuvila nokufudumeza izindaba bakithi, sicela ukuzithola zishisha. Ziningi kabi into ezenzeka emphakathini eniyisakazelayo kodwa asizwa lutho ngakho. Imibandela yemigomo yezokusaka yeziteshi zomphakathi ikubeka kucace ukuthi kumele nibike ngezinto ezenzeka emiphakathini eniyisakazelayo, kodwa ngenxa yokubuvila benu sizithola silethelwa izindaba ezifudumeziwe. Kuthini nje kuwena ungumfundi wezindaba, uqale uze uqede ukufunda izindaba lungekho ngisho olulodwa udaba olwenzeke endaweni lapho usakazela khona. Hlukanani nokuhlala e-newsroom niphume niyofuna izindaba.  Yebo ke usuluthathile ke udaba kwi internet usuzolokhu usibelesela ngalo ke manje, usuhluleka ngisho ukuqhamuka nenye "angle" kuloludaba.  Isibonelo nje, ngesikhathi lowo owabe eyisekela likaNgqongqoshe wezeMfundo uMduduzi Manana enecela lokhushaya owesifazane. Umfundi wezinda...

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings

Image
Durban, December 06, 2017:  Oshicilelweni lwangesonto eledlule ngikhulume ngokubukeleka phansi kwabasakazi abamyama. Ngibe sengithola izeluleko eziwukugxeka sakwakha, lokhu kungikhuthaze kakhulu angisho ngingananzi ukuthi ngiyayamukela futhi ngiyaykuhlonipha imibono egxeka sakwakha.   KuleliSonto ngikhethe ukuthi sibungaze  uMzokhona “Mzokoloko” Gumede  oshayela uhlelo lwasekuseni emsakazweni iGagasi FM olubizwa nge- + I Love Mornings with Mzokoloko.  UGumede uqophe umlando wokuba umsakazi wokuqala ngqa kulomsakazo kanye nasezweni lonkana ukuthi abalaleli bakhe bafinyelele kwisigidi(1 Million). Lenqophamlando isho ukuthi loluhlelo lukaMzokoloko yilona hlelo olulalelwa kakhulu kuleli uma kuqhathaniswa neminye imisakazo yesifunda.  Lokhu kuphinde kuchaze ukuthi lomsakazo(Gagasi FM) yiwona osumkhulu ukudlula yonke imisakazo yesifunda(regional radio stations) kuleli. Yize ngimjabulela uGumede kodwa ngijabula ngibuye nganeno ngoba ngiyazibuza nje ukuthi ...

Bathelwe kanzima abasakazi abamnyama “kwezabamhlophe”

Image
Durban, November 29, 2017 Bathelwe kanzima abasakazi bohlanga eziteshini zomsakazo ezilalelwa kakhulu ngabamhlophe kanye naboMdabu baseNdiya. Abalaleli bebela elimhlophe  kanye noboMdabu waseNdiya banokucabanga ukuthi abasakazi abamnyama banemiqondo emifushane futhi kumele basho lokhu okucabangwa yibo(abalaleli)  okanye  kumele babe nendlela ethize yokubeka izinto emoyeni. Laba balaleli engibabiza ngo “bhola lami” kuzomele bakhumbule ukuthi abasakazi abamnyama abacabangi njengabo futhi abazosoze bacangaba njengabo. Lokhu kungenxa yesimo sokukhu siqhamuka ezindaweni ezingafani futhi sikhuliswe ngendlela engafani nakancane.  Okunye futhi  okumele bakukhumbule ukuthi yebo imisakazo iyaye ibe nemakethe ethize eyisakazelayo kodwa  manje ayisekho  imisakazo esakazela abemhlophe nabomndabu waseNdiya kuphela. Sekue nezigameko eziningi lapho abasakazi abamnyama abasebenzela lemisakazo behlukumezela uma bekhuluma iqiniso futhi bebeka ubumo besimo senhla...

NGABE BAQAMBE AMANGA ABEGAGASI FM NGOSNE?

Image
Durban, November 21, 2017:  SEKUQUBUKE omkhulu umsindo ngodaba lukaSne noLwazi oluzwakale ohlelweni lwantambama emsakazweni iGagasi FM,olwaziwa nge-The Kings Drive olushayelwa uSphe no DJ Naives.   Umlaleli ozibize ngoLwazi ushayele kuloluhlelo ecela ukuthi abasakazi bamulekelele ufisa ukufaka isicelo somshado kusinqanda mathe sakhe uSne emoyeni. Kuthe uma eshayelwa ucingo uSne, laphendulwa ngomunye wesilisa naye ozichaze njengesoka layo lentokazi. Kube sekusuka esinamathambo  kubangwa ukuthi ngubani ngempela isoka likaSne. Loludaba lube seluphenduka indabizekwayo ezinkundleni zokuxhumana abantu besho ukuthi kumele atholakale loSne aziphendulele. Nembala kuthe ngoLwesihlanu uSphe no DJ Naives benza isimemezelo sokuthi sebemtholile uSne futhi usuvumile ukuthi uzoziphendulela.   Kube sekuqhuma umkikizo kwama nokusebenza emahhovisi kanti abanye baze baphuma kungashayi isikhathi somlungu bephuthuma ezimotweni belindele ukuzwa lentokazi yodumo uSne iziphendulela...

Ucwaningo lukhombisa ikusasa elimfiliba lama –Online Radio Stations

Image
Durban, November 14, 2017:  Ucwaningo lwabe- Broadcast Research Council of South Africa ( BRC) lukhombisa ikusasa elimfiliba lemisakazo esivele  yaba ngoqhimkhowe  eyaziwa ngama-online radio station. Uzokhumbula ukuthi lapha eNingizimu Afrika kusanda kumbuleka ikhasi elisha lemisakazo etholakala ku-internet, kulemisakazo sibala i-Cliff Central kaGareth Cliff wodumo lwe-5 FM nama Idols, iMassive Metro kaDJ Sbu, iTouch HD ka T-Bo Touch wodumo lweMetro FM kanye Mega Zone Hit Radio ezinze eMhlanga. Lolucwaningo luveza ukuthi amaphesenti angama70 – 80 asakholelwa ukulalela umsakazo kuwayilense, amaphesenti angu37 – 52 alalela umsakazo kumakhalekhukwini, amaphesenti angama17 -23 wona athi alela umsakazo ezimotweni, amaphesenti aphakathi kuka7 no17 athi wona alalela umsakazo ngeDSTV Audi Banquet noma kuOpen View HD bese kuthi imbinjana yamaphesenti aphakathi kuka1-5 yona ithi ilalela umsakazo isebenzisa i-computer noma internet kakhulukazi uma isemsebenzini. Yize nom...

Ngijabule ngabuya nganeno uma ngizwa nge-Ntokozo FM Kanye ne eYethu FM

Durban, November 07, 2017:  NGESIKHATHI ngizwa ngemisakazo emibili emisha i-Ntokozo FM ezozinza elokishini laseMlaza kanye ne eYethu FM ezozinza eMzinyathi ngijabule kakhulu kodwa ukujabula kwami kuvele kwasheshe kwashabalala wena owabona amazolo kuphuma Ilanga. INtokozo Yeningizumu FM kodwa ezokwaziwa ngeNtokozo Fm izoqala ukusakaza ngoLwesiHlanu lona lolu lwakusasa ku-101.2 FM kuthi i-eYethu FM ezosakazela eSkhebheni eNanda nezotholakala ku 94.4FM yona izoqala ukuzwala emoyeni ngoJanuwari. Yebo ngiyayijabulela lemiphakathi emibili ngalemisakazo kodwa sonke siyalwazi usizi lokuntula izimali kwemisakazo yomphakathi. Izindleko zokuphatha umsakazo ziwumqansa kakhulu  njengoba lemisakazo ingatholi uxhaso kuHulumeni njengoba kwenzeka eNhlangwaneni yezokusaza i-South African Broadcasting Corporation (SABC). Ngicabanga ukuthi uHulumeni kumele azinuke amakhwpha ukuthi akakwazi ukuzala ingane bese engayinakekeli. Umqondo wemisakazo yomphakathi kwabe kungumbono kaHulumeni njeng...

Uyadida umbiko wabe-ICASA ngeVuma FM

Durban, October 31, 2017:  Ushayisa amakhala umbiko wenhlangano eyangamele ezokusaza kuleli Independent Communications Authority of South Africa ngesahlulelo esimayelana nokulandela imigomo yelasiyisense yokusakaza yalesiteshi somsakazo i-Vuma F. Lapha ngikhuluma ngombiko uqoqwe ngonyaka ka 2015/16 (Vuma FM Compliance Report 2015/16) nodedelwe  enyangani kaMbasa kuwo lonyaka wezingama 2017.  Ukuchaza nje kabanzi, kuyaye kuthi njalo ngonyaka lenhlangano ikhiphe umbiko wobuyekezo wokuthi ngabe imisakazo iyayilandela yini imigomo ebekelwe yona yezokusaza.  Umbiko ochaza ngokuthi ngabe umsakazo iVuma Fm ngabe iyayilandela yini imigomo yezokusakaza ngibona ngathi lenhlangano bekungamele uwudedele ngoba ngathi ibingakakulungeli ukuwukhipha.  Umbuzo wami uthi ngabe yini ebesijahiwe sekukhiwa lombiko okushiya uzibuza imibuzo eminingi. Umbuzo wokuqala nje enginawo owokuthi ngesikhathi lenhlangano ihlanganisa lombiko, indaba yobunikazi balomsakazo bebungakaphothulwa...

Baxoshelwani abasakazi esebebadala?

Durban, October 17, 2017:  Kukhona isisho sesilungu esithi “Like fine wine radio presenters gets better with age”, ngiyaye ngizibuze umbuzo othi ngabe abaphathi bezinhlelo emsakazweni abakaze yini bahlangene nalesi sisho? Sekukaningi sibona imisakozo eminingi ichitha abasakazi ngoba ithi sebebadala abasekho “relevant” kwimakethe. Lokhu kuvele kumangeze ngoba kwalabo basakazi ababizwa nge “young blood” bavele bashaye udaka okube sekumangaza ukuthi yini ke ebahlulayo ukuba relavant? Uma uthi uthatha ukubheka, laba basakazi asebedabala ngingasho ngingabi namahloni ukuthi yibo kanye abaqonda abalaleli kanye nemikhokha (trends) emisha yezokusaka. Lokhu kufakazelwa izinombolo uma kuza ezinhlweni ezishayelwa yila basakazi okuthiwa sebebadala. Ake sithathe uDudu “Lady D” Khoza nohlelo lwakhe uJabul’ujule, lulalelwa yiwo wonke umuntu kusuka kwabadaba kuya kubantu abasha. Yingoba lomsakazi uyakuqonda ukuthi kusho ukuthi ukukhuluma nomlaleli osekhulule nomlaleli osemncane emsakazweni....

Ake Kumiwe Neziteshi Ezintsha zeTV

Kahleni bakwethu sizozibuka nini zonke lezi ziteshi zikamabonakude? Ngingumuntu okholwa ukuthi akumele imboni ethize iqhoqhobalwe umuntu oyedwa kodwa kulokhu ngiyavumelana nabakwa Etv ukuthi asikho isidingo sokuthi kube khona ezinye iziteshi zikamabonakude zamahhala. Abakwa Etv banxuse inhlangano elawula ezokusakaza kuleli Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) ukuthi ingabe isakhipha amalayisense eziteshi zikamabonakude zamahhala  ngaphandle kokuthi kwenziwe uphenyo ukuthi sikhona  yini isidingo seziteshi ezintsha noma cha. Uzokhumbula ukuthi ngonyaka wezi-2014 izinkampani i- Medo Investment, Hola Media, Infinity Media Networks yomndeni wakwaGupta, Rubicon Investment kanye ne-Change TV Network bafaka isicelo zokuba neziteshi zikamabonakude zamahhala, lezi ezaziwa ngama Free to Air Licence. Uzokhumbula ukuthi abakwa Etv kwaba abokuqala  inkampani ezimele ukunikezwa i-Free to Air Licence kuleli, phela thina besijwayele u-SABC 1,2 no 3. Kubukeka ng...

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Kuphelile ukuba yizintandane komphakathi waseNgwavuma, Jozini kanye nakwaMhlabuyalingana njengoba umsakazo wesiSwati, i-Ligwalagwala Fm usutholaka kulezi zindawo ku 103.5fm. Lokhu kulandela ukuthi izikhulu zomsakazo zithathe isinqumo sokugxumeka umbhoshongo kulezi zindawo. Ngithi kuphele ubuntandane nje ngoba ikulezi lezi zindawo kuphela lapha kwelikaMthaniya lapho ofica khona abantu abaningi abakhuluma isiSwati kodwa umsakazo wakuleli osakaza ngolwimi lwabo ubungafinyeleli kubona. Ngiyazi kubuhlungu kanjani ukuba sendaweni lapho ungakazi khona ukukhuluma ulwimi lwakho , lokhu obekwenzeka kulomphakathi ngikakufanisa nje nokucwasa, kodwa wona ubucwaswa ngokolwimi. Uma ukhululele kulezi zindawo uzomvumelana nami ukuthi isiteshi ebesize siyilamule futhi ekade silalelwa kakhulu kulezi zindawo kade yi-SBIS 1 (Swaziland Broadcasting Information Services 1), engani phela zisemgceleni waseSwazini. Uzophinde uvumelane nami ukuthi abantu bakulezi zindawo kade bengaphuthelwa uhlelo luka Sgayoyo...

Idlalwa Kanjani Enenhlamba Emoyeni

Image
Amaphutha amancane lawa abantu abangawanaki ona into  ngisho ngabe yinhle kanganani, okubuhlungu ukuthi emsakazweni iphutha elilodwa olenzayo lingakubangela ukuthi ulahlekelwe umlaleli noma abalaleli. Ngomhlaka 19 February ngo-16 :25 ohlelweni i-Woza Nabangani Bakho oKhozini Fm kwadlalwa ingoma ka-DMX esihloko esithi Who We Be, uma uyilalela lengoma inezinhlamvu zenhlamba, okwangithusa kakhulu ukuthi idlalwa kanjani ingoma enenhlamba emoyeni. Uma ngimcaphuna nje u-DMX khona la athi khona “ the Bullshit, the drama, the guns, the armour” abuye futhi lapho ingoma isiya ngasekupheleni athi  “These motherfuckers don’t know who we are” .  . Abantu abadala engabe ngihlezi nabo baze bacela ukuthi ngivule esinye isiteshi , ngathi uma ngithi ingoma isiphelile bangibuza ukuthi  ngazi ngani noma  uTshatha no Selby bazophinde badlale enye ingoma ezoqhulula inhlamba. Kuyamangaza ukuthi uhlelo olunoMdidiyeli kanye nabethuli ababili lungenza leliphutha elingaka. Ngaphandle ...

Usenkingeni u-SABC

Image
Awu bandla kwaphela kanjalo ngoMaMlabo. Kuqhume umkikizo kubuya umdlalo oyintandokazi i-Ashes to Ashes kwa Etv. Lomdlalo nawo ongena ngehora lesishiyagalombili uyibhincisela nxanye i-Generations the Legacy. Uzokhumbula ukuthi lomdlalo ubophele abadlali abaningi abaxoshwa kwi-Generations ngemuva kokuthi bengazwananga ngamaholo.   Abantu balibeke ngembaba ukuthi bese bekhathele ukubeleselwa ngenyoka uMaMlabo.  Abanye bebeze besho ukuthi qhubekani nibukele uMaMlambo wenu sekubuye umdlalo wangempela manje, abanye bethi sala kahle Generubbish. Kuyiqiniso ukuthi abantu abaningi kade bebuka iGenerations ngoba ingekho ngempela into abangayibuka ngalesi sikhathi edlala ngaso. Ngiyazibuza nje ukuthi yini ngempela sibeleswele ngeGeneration the Legacy ngelesi sikhathi, kusanda kuphuma izibalo zokuthi lomdlalo awenzi kahle ngokwababukeli, umdlalo okuwona ohamba phambilu uZalo kanye ne Skeem Sami. Impela njengoba kubuye i-Ashes to Ashes usazobhincela nxanye u-SABC, ukube bahlakanip...

Kudlalwa ngezingane kuma-IdolsSA

Image
Abukho ubulungiswa ohlelweni lama-Idols, ngibonile nje abantu bejabulela ukuthi kuwine uKarabo Mogane.  Yebo ngimujabulele umfoka Mogane kodwa ngaphinde ngaba nokumudabukela ukuthi kungenzeka kube ukuphela kwakhe ke lokhu. Selokhu ngaqala ukulandela loluhlelo lomculo angigculisekile ngendlela abaqhuba ngayo.  Ngidabuke kabi ngibona uVincent Bones ecula ngesikhathi kumenyezelwa owinile kulonyaka, selokhu ngagcina ukumbona ngesikhathi ewina ngonyaka odlule. Indaba kaMusa Sukwene angiyiphathi ngisho ukuyiphatha, kazi washonaphi angikaze ngizwe ngisho kuthiwa khona la ake abonakala khona kwangoma yakhe angikaze ngiyizwe emsakazweni. Lento yokuthi ama-Idols abe khona minyaka yonke ayibenzi ubulungiswa kulaba abasuke bewinile. Kudlalwa ngezingane zabantu, kwenziwa imali nje zona zisale zingena lutho. Ngicabanga ukuthi ama Idols kumele abekhona njalo ngemuva kweminyaka emibili. Lokhu kuzonikeza abadidiyeli baloluhlelo ithuba lokhuthi lowo osuke ewinile aqophe ngaphandle kokutataz...

Ngeke ilibone elidlalayo iNetflix kuleli

Image
Ubaba ongizalayo oyaye athi kimina uboqaphela amadlelo aluhlaza ngoba uwabona eluhlaza usakude kodwa uma usondela kuwona uyaqala ubone ukuthi cha awekho luhlaza njengoba kade ngisawabukela kude. Kuqhume umkikizo abantu bejabulela ukuthi isiteshi esitholakala kwi-Internet i-Netflix sezotholakala nakuleli. Kwakuyigidigi abanye baze basho ukuthi sekuyisikhathi sokuthi abakwa-DSTV bathole imbangi ngoba sebedakwe ukusutha. Ngibe umkhaya nomuntu ongazazi izinto uma ngiphuma eceleni ngithi, kungathi sisapatanisa ama-Data kaWhatsApp sowathathaphi ke lawa okutamuza amabhayisikobho kanye nama series kuNetflix. Ukuze ukwazi ukubuka iziteshi zakwaNetflix kumele ube nocingo noma i-tablet ozokwazi ukuyifaka i-Netflix App, yize ungakwazi ukusebenzisa i-decoder lena bona abayibiza nge set-top-box nakhona usading ukuthi ube ne-internet. Sonke siyazi ayabiza ama –data bundles, hlezi ngizwa abantu bekhala ubumayemaye bethi iphone idle airtime yabo bese kuyatholakala ukuthi bekade eku-internet. Kusek...

#AmanqampuMustFall

Image
ONGCWETI kwezokuKhangisa bazokutshela ukuthi into yokuqala okumele uyazi ukuthi uyaphi ngoba uma ungazazi ukuthi uyaphi uzophelela etalashishi njengoJona waseBhayibhelini. Baphinde futhi bathi kumele wazi amandla akho kanye nobuthakathaka bakho bese uhlale uqaphele ukuthi izimbangi zakho zenzani futhi ngasikhathi sini? Nakhu la ngibheke khona, uMkhuzi wamaSosha wodumo uNapoleon Bonaparte uthi “Ungalinge uphazamise imbangi yakho noma isitha sakho uma senza iphutha,” Ngicabanga ukuthi  uMdidiyeli  kanye noMsakazi woHlelo iKwasa Breakfastshow emsakazweni owenza inzuzo i-Vuma 103 FM uPhumlani Dube kanye noLinda Sibiya banenkolelo efanayo naloMkhuzi wamaSosha waseFrance. Uzovumelana nami ukuthi selokhu kufike uBig Pun loluhlelo luguquke ngendlela eyisimanga. Izimpande zalo zisemphakathini nqqo! Ngiyacabanga uyazibuza ukuthi ngibaqhathanisa nobani? Phela izimbangi zabo yibo oSqgemeza no Zama Ngcobo kwiVuka Mzansi Breakfastshow.  Ngicela singayibangi eyeLSM udaba lwang...

Durban Botanic Gardens Centenary

Image
100 years ago, ON THE 01 July 1913, the Durban Botanic Society handed over the Durban Botanic Gardens to the eThekwini Municipality, which was known then as the Durban Corporation. This year, the City is celebrating 100 years of managing one of the oldest surviving Botanic Gardens in Africa. The Durban Botanic Gardens is 160 year old to date.        Picture by: Simphiwe Dlamini

World Transplant Games a huge success

Image
“Our hearts are beating, so let’s start living, we are limit breakers, we are the future shapers and not scared of living,” sang with passion, the 1200 tranplantees  from 50 nations at the World Transplant Games Closing Ceremony last week at the Inkosi Albert Luthulu Convention Centre. Amongst them was a South African, Daniel Matsoso, a kidney transpantee who waited for four years for the gift of life – a new kidney.  Matsoso said it was in 1998 when he woke up in an intensive care unit after suffering multiple organ failure. “My transplant was performed in 2002. I have never met the donor because he died but I wrote a letter to the family expressing my sincere gratitude for giving me a gift of life. I’m now living a double life for myself and for the donor,” said Matsoso. The eThekwini Mayor, James Nxumalo, said Durban is proud to be the first African City to successfully host the World Transplant Games.  “With the hosting of these games, the C...