Uyadida umbiko wabe-ICASA ngeVuma FM

Durban, October 31, 2017:  Ushayisa amakhala umbiko wenhlangano eyangamele ezokusaza kuleli Independent Communications Authority of South Africa ngesahlulelo esimayelana nokulandela imigomo yelasiyisense yokusakaza yalesiteshi somsakazo i-Vuma F. Lapha ngikhuluma ngombiko uqoqwe ngonyaka ka 2015/16 (Vuma FM Compliance Report 2015/16) nodedelwe  enyangani kaMbasa kuwo lonyaka wezingama 2017. 
Ukuchaza nje kabanzi, kuyaye kuthi njalo ngonyaka lenhlangano ikhiphe umbiko wobuyekezo wokuthi ngabe imisakazo iyayilandela yini imigomo ebekelwe yona yezokusaza.  Umbiko ochaza ngokuthi ngabe umsakazo iVuma Fm ngabe iyayilandela yini imigomo yezokusakaza ngibona ngathi lenhlangano bekungamele uwudedele ngoba ngathi ibingakakulungeli ukuwukhipha.  Umbuzo wami uthi ngabe yini ebesijahiwe sekukhiwa lombiko okushiya uzibuza imibuzo eminingi.
Umbuzo wokuqala nje enginawo owokuthi ngesikhathi lenhlangano ihlanganisa lombiko, indaba yobunikazi balomsakazo bebungakaphothulwa, nayo ekuvumayo embikweni kodwa lenhlangano ikwazile ukwahlulela lomsakazo ngokuthi awukwazanga ukuhlangabeza nezimfanelo zobunikazi. Lombiko uphinde ulahle lomsakazo ngokuthi uhlulekile uhlangabezana nesigatshana 4 (clause4) selayisense yokusakaza yalesi siteshi esibalula ukuthi lomsakazo kumele udlale umculo ongamaphesenti angama-60   nezinhlelo zengxoxo ezingamaphesenti angama-40 kanye nomculo ogquqguzelayo (insipirational music) ongamaphesenti ayi-10. 
Ithi ke lenhlangano  emva kokuba belandele lomsakazo bathole ukuthi yize udlala umculo ongaphesenti angama 60 njengesivumelwano kodwa akusewona umculo wokholo kodwa bazidlalela wena kwaito, maskadi ne jazz.  Bathi ke lomsakazo wenza lokhu ngaphandle kokwazisa lenhlangano yezokusakaza.  Sebethi ke lomsakazo uphule isivumelwamo sawo sezokuzakaza. 

Kodwa khona lapha kusibophezelo 3.4 lombiko uphinde ukhulume ngokuthi ezinhlelweni zalomsako okuyi Kwasa Breakfast Show, the Big Weekend Show,Out and About Kanye neBackstrage Pass bekudlawa umculo wasekhaya ongamaphesenti angu-50 kakhulukazi owokholo. Lokhu kushiwa imibuzo ngoba ngokwisigatshana 4 bathe lomsakozo ubusungawudlali nhlobo umculo wokholo yingakho bekhiphe usahlulelo sokuthi uhlulekile ukuhlangabezana nezigomo yawo yezokusakaza.
Ngifuna ukubuyela emuva kulena yobunikazi balomsakazo, lombiko uthi lomsakazo uhlulekile ukuhlangabezana nemigomo elawula ubunikazi bawo.  Bathi ngaphambi kuka 1 February 2017 ubunikazi balomsakazo bebumi kanje Sisulu Family Trust 15%, Rita Maud Motanyane 4%, Linclon Matjele 2%, Muzi Majombozi 2%, Pastor Sizwe Chili 2% , Reverend Abe Sibiya 2% bese kuthi abe Time Media bona babe no 60%. Kodwa kuthe ngemuva kuka 1 February 2017 lomsakazo ube ubhalela lenhlangano ubika ukuthi ubunikazi sebumi kanje , Sisulu Family Trust 15% kuthi iTime Media ibe no 60%.
Okushiya imibuzo ukuthi lenhlangano iyavuma ukuthi yize yaziswa ngokushinstha kobunikazi kulomsakazo kodwa kwakukhona izinto ebisafuna ukuzibuza, pho lenhlangano iwehlulela kankani lomsakazo ukuthi uhlulekile ukuhlangabezana nemigomo yelayisensi yawo.
Uma kade kusanezinto lenhlangano ebisafuna ukucaciseleka kuzo yini le engaka esiphuthunywa, ngesingami bekungamele lombiko uphume kuze kuba lenhlangano iba nomhlangano nalomsakazo ukuthola izimpendulo. Okuxakayo ukuthi kulombiko lenhlangano izivumela yona ukuthi lombiko ushicilelwe seluhleliwe usuku lomhlangano.

Ngale kwalokho lomsazo uhambisa kahle kakhulu ngokwalombiko uhlangabezana nayo yonke imigomo ebekelwe yoma yezokusaza. Okunye okuhlabe umxhwele ukuthi selokhu wasungulwa lomsakazo lenhlango itho ayikaze ithole ngisho esisodwa nje isikhalazo esiqhamuka kubalaleli bawo. Sengiphetha ngithi lenhlangano ayiqaphele ukukhipha imibizo engathuzana isithunzi somsakazo, khumbul ukuthi imisekazo yenza imali ngezikhangiso lokhu kungaba nomthelela omningi ekwenzi inzuzo kumsakazo. 

Comments

Popular posts from this blog

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings

Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli