Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli

Nginesifiso sokuthi basale ku2017 ovilavoco bezintatheli kakhulukazi lapha emisakazweni yomphakathi asibadingi ku2018. Ake nihlukane nobuvila nokufudumeza izindaba bakithi, sicela ukuzithola zishisha. Ziningi kabi into ezenzeka emphakathini eniyisakazelayo kodwa asizwa lutho ngakho. Imibandela yemigomo yezokusaka yeziteshi zomphakathi ikubeka kucace ukuthi kumele nibike ngezinto ezenzeka emiphakathini eniyisakazelayo, kodwa ngenxa yokubuvila benu sizithola silethelwa izindaba ezifudumeziwe.

Kuthini nje kuwena ungumfundi wezindaba, uqale uze uqede ukufunda izindaba lungekho ngisho olulodwa udaba olwenzeke endaweni lapho usakazela khona. Hlukanani nokuhlala e-newsroom niphume niyofuna izindaba.  Yebo ke usuluthathile ke udaba kwi internet usuzolokhu usibelesela ngalo ke manje, usuhluleka ngisho ukuqhamuka nenye "angle" kuloludaba. 

Isibonelo nje, ngesikhathi lowo owabe eyisekela likaNgqongqoshe wezeMfundo uMduduzi Manana enecela lokhushaya owesifazane. Umfundi wezindaba kwesinye seziteshi wabika ukuthi uzovela enkantolo namuhla uManana.  Ngiyacabanga ukuthi ngenxa yokuthi lapho eyethole khona ukuthi uManana uzovela enkantolo baphuza ukufaka ukuthi usevelile waze wanikezwa nebheyili. Lomfundi wabe elokhu ebelesele ukuthi uManana usazovela yize wabe esevele kudala enkantolo, ngiyacabanga wabe esefike ngisho ekhaya wadla uManana kodwa lomfundi wezindaba wayesalokhu ebelesele ukuthi usazovela.  Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi lomfundi wezindaba akazihluphi ngokulandela udaba, waluthatha ku-Internet njengoba lunjalo wazobika ngalo. Lokhu kuveza ubuvila obokhulu, lona nguvilavoco wentatheli kumele asale ku-2017. 

Lesi sihlava sobuvila sesize sangena ngisho kubasakazi bezemidlalo kulemisakazo. Uthole umuntu uzokunikeza imiphumela yamidlalo ekade yenzeka ngempelasonto,ngolwesithathu emini. Ngashaqeka ngilale omunye walemisakazo, umethuli wezemidlalo ebika ngemiphumela yangempelasonto emini ngoLwesithathu. Ngaze ngazinciza ngifuna ukuzwa ukuthi ngabe angiphuphi yini, ngathi uma ngibheka iwashi lami isikhathi kwabe kungu 12h50. Angikholwanga kodwa okukhulu kakhulu nje kwangidumaza lokhu. 

Ake nihlukane nokucabanga ukuthi ezemidlalo imiphumela kanye ne fixture kaPSL kuphela.Lokhu kuyadumaza kakhulu ngona ziningi kabi izinhlelo  zezemidlalo ezenzekayo emiphakathini.  Isibonelo uma nje uyakwaMashu kuhlezi kunemidlalo eqhubekayo emakhehleli kodwa ngeke uzwe imisakazo esakazela kulezindawo ikhuluma ngemiphumela yaleyo midlalo. Uma uya eSpingo Beach kunezimdlalo ehlezi iqhubeka ngokohlelo lukaSAFA kodwa asizwa lutho ngayo. Sibeleselwa nje ngePSL nakhona izindaba ezithathwe kwiKick Off noma kuSoccer Laduma.  Ake nikhuthale bakithi, nizijwayeze ukufunda izindaba, nabaphathi bophiko lwezindaba kanye nezemidlalo kulemisakazo kumele bakhuthalele ukuthi babe nalabantu ababizwa ngama-Stringer iwadi newadi. I-Stringer umuntu oba amehlo nezinhlebe omsakazo lapho ehlala khona, uma khukhona okwenzekayo endaweni ube esethintha umsakazo. Lendleal ishibhile ayibizi futhi ngoba iStringer akudingi nokuthi size segibele sibika lokhu esikubona kwenzeka ngalapho sihlala ngakhona. Ukuxhuma sekwashibha kakhulu manje kakhulukazo njengoba sekukhona uWhatsApp, lendlela yokuxhuma yenza impilo yezintatheli ibe lula kakhulu futhi ishibile. Ngelinye ilanga ngizochaza ukuthi ama newsroom emisakazo yomphakathi angaziqoqa kanjani izindaba esebenzisa uWhatssApp. 
Ngiyathemba ngeka singene nalabovilavoco ku-2018. Lenga ingosi yokugcina kulonyaka, ngithanda ukuthatha lelithuba nginifisele amaholidi amahle. 

Comments

Popular posts from this blog

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings