Ngijabule ngabuya nganeno uma ngizwa nge-Ntokozo FM Kanye ne eYethu FM
Durban, November 07, 2017: NGESIKHATHI ngizwa ngemisakazo emibili emisha
i-Ntokozo FM ezozinza elokishini laseMlaza kanye ne eYethu FM ezozinza
eMzinyathi ngijabule kakhulu kodwa ukujabula kwami kuvele kwasheshe kwashabalala
wena owabona amazolo kuphuma Ilanga.
INtokozo Yeningizumu
FM kodwa ezokwaziwa ngeNtokozo Fm izoqala ukusakaza ngoLwesiHlanu lona lolu
lwakusasa ku-101.2 FM kuthi i-eYethu FM ezosakazela eSkhebheni eNanda
nezotholakala ku 94.4FM yona izoqala ukuzwala emoyeni ngoJanuwari.
Yebo ngiyayijabulela
lemiphakathi emibili ngalemisakazo kodwa sonke siyalwazi usizi lokuntula
izimali kwemisakazo yomphakathi. Izindleko zokuphatha umsakazo ziwumqansa
kakhulu njengoba lemisakazo ingatholi
uxhaso kuHulumeni njengoba kwenzeka eNhlangwaneni yezokusaza i-South African
Broadcasting Corporation (SABC).
Ngicabanga ukuthi
uHulumeni kumele azinuke amakhwpha ukuthi akakwazi ukuzala ingane bese
engayinakekeli. Umqondo wemisakazo yomphakathi kwabe kungumbono kaHulumeni
njengoba noSABC kwabe kungumbono kaHulumeni, pho kungani kukhethwe iphela
emasini uma sekuza ngazoxhasweni?
Enqgungutheleni
ka-African National Congress eyabe iseMangaung zingama 16-20 December 2012,
lenhlangano yanquma ukuthi uHulumeni kumele anyuse imali yoxhaso lwakwaSABC.
Lokhu kwangishiya neminingi imibuzo ukuthi imisazako yomphakathi yona? Kungani
ingacatshangelwa njengoba kucatshangelwa u-SABC.
Ngaphezu koxhaso
lukahulumeni olutholwa abakwaSABC , siphinde sikhokhe imali yama-TV Licence
nokwenza babe nenye indlela yokungenisa imali ngale kwezikhangizo nazo futhi
uHulumeni ochitha imali eningi ekhangisa kulenhlangano. Uma uthi uyabheka imali efakwa nguHulumeni
ekukhangiseni kumisakazo yomphakathi, ungashaywa amahloni.
Uma ngingaphosisi
nguMasipala weTheku kuphela onesivumelwano sokukhangisa nemisakazo yemiphathi
esiyinani elingaphezu kwesigidi. Ukuze imisakazo efana neNtokozo Fm kanye
ne-eYethu Fm ingashabalali kuhle kwamazolo kuzomele uHulumeni ayicabangisise
lena yokwelekela imisakazo yomphakathi ngoxhaso.
Kumele sikhumbule
ukuthi yize abasakazi kulemisakazo yomphakathi bengamavoluntiya kodwa lokho
akusho ukuthi abanazo izidingo. Badela izimpilo zaba benqamula ezindaweni
ezinobungozi beyosakaza ngenxa yokuthi abanayo imali yokugibela. Kweminye
imisakazo yomphakathi isimo sibheda ngedlela yokuthi ayikwazi ngisho ukukhokhela
i-rent yezindlu zokusakazela, amanzi kanye nogesi. Eyocingo ke angiyikhulumi
iba yivela kancane kulemisakazo.
Ngicabanga ukuthi
uHulumeni uma engafuni ukunikeza imisakazo yomphakathi imali njengoba benza
kwaSABC okungenani kumele athatha izndleko zemibhoshongo yokusakaza, imali
yerenti bese ubeka isamba esayizwayo sezikhangiso. Lokhu kuzolekela lemisakazo
ukuthi ikwazi ukukhokhela amavolontiya ayo. Hhayi ukuthi ngithi lemisakazo
emibili ngeke iphumelele kodwa ngicela ukuqwashisa abasakazi bayo ukuthi uma
bezitshela ukuthi khona itshe lemali abazolithola abakhohlwe. Nabathaphi
ngokunjalo abangaqambi amanga kubasakazi bethi bazobaholela imali abazi kahle
ukuthi angeke babanike yona. Kunzima bodadewethu nani bafowethu kodwa kuzomele
niyibambe ishisa. Siyayamukela iNtokozo
Fm kanye ne-eYethu Fm.
Comments
Post a Comment