NGABE BAQAMBE AMANGA ABEGAGASI FM NGOSNE?
Durban, November 21, 2017: SEKUQUBUKE omkhulu umsindo ngodaba lukaSne noLwazi
oluzwakale ohlelweni lwantambama emsakazweni iGagasi FM,olwaziwa nge-The Kings
Drive olushayelwa uSphe no DJ Naives.
Umlaleli ozibize
ngoLwazi ushayele kuloluhlelo ecela ukuthi abasakazi bamulekelele ufisa ukufaka
isicelo somshado kusinqanda mathe sakhe uSne emoyeni. Kuthe uma eshayelwa
ucingo uSne, laphendulwa ngomunye wesilisa naye ozichaze njengesoka layo
lentokazi. Kube sekusuka esinamathambo kubangwa ukuthi ngubani ngempela isoka likaSne.
Loludaba lube seluphenduka
indabizekwayo ezinkundleni zokuxhumana abantu besho ukuthi kumele atholakale
loSne aziphendulele. Nembala kuthe ngoLwesihlanu uSphe no DJ Naives benza
isimemezelo sokuthi sebemtholile uSne futhi usuvumile ukuthi uzoziphendulela.
Kube sekuqhuma
umkikizo kwama nokusebenza emahhovisi kanti abanye baze baphuma kungashayi
isikhathi somlungu bephuthuma ezimotweni belindele ukuzwa lentokazi yodumo uSne
iziphendulela. Bahlale ke bantu benkosi ezimotweni kwaze kwamuncu izinqe, balinde
amahora amabili nemizuzu angama-45 kulokhu kuthiwa kuzokhulwa naloSne.
Kuthe sekusele
imizuzu eyishumi luphele uhlelo base bethi bamfaka emoyeni uSne. Bamshayela
ucingo uSne nolukhale laze laba
nesibibithwane lungaphendulwa. Lokhu kwenze abantu abaningi baphoxeka nokugcine
sebethuka laba basakazi ngokuthi baqamba amanga alukho loludaba kungani
sebehluleka ukukhuluma noSne manje.
Umbuzo omkhulu uthi
ngabe labasakazi baqambe amanga ukuze
banyuse isibalo sabalaleli? Ngokwemigomo yezokusakaza akulula ukuthi umsakazi
aqambe amanga kakhuluakazi ngezinto ezithinta impilo yomuntu. Ngale nje kokuthi
umsakazo uyanandisa kodwa inhloso enkulu yomsakazo ukufundisa. Uma uqambe amanga emsakazweni wangasifaka isixwayiso
sokuthi lokhu okade ukwenza bekuyingxenye yokunandisa ungaxoshwa ngisho ukuxoshwa
noma umsakazo uphucwe imvume yezokusakaza.
Nakhu ke okuyaye
kwenzeke ngaphambi kokuthi umsakazi avule umbobo. Yonke into usuke uyizwa ishowo ngabasakazi
bakho emsakazweni isuke idlule ezandleni eziningi okuhlanganisa ezoMdidiyeli
woHlelo kanye noMphathi wenziNhlelo, lokhu kwenziwa ukuqinisekisa ukuthi yonke
into eshiwo umsakazi noma eyenzeka
ohlelweni ayifaki abalaleli bomsakazo
ehlathini noma umsakazo ehlazweni.
Kuyaye kuthi njalo
uma kuzoqala iSonto emsakazweni, uMdidiyeli woHlelo noma uMsakazi wohlelo
bahambise kuMphathi weziNhlelo ukuthi yini ezobe yenzeka ohlelweni umzuzu
nomzuzu, ihora ngehora kusuka ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu.
Lokhu kubizwa
nge-HotClock noma iPrepSheet, lapha uMsakazi noma uMdidiyeli usuke echaza ukuthi ngosuku oluthize sizokhuluma no
“Lwazi” onesifiso sokufaka isicelo somshado “uSne”, bese efaka isikhathi
okuzokwenzeka ngakho lokhu ohlelweni kanye nezinombolo zalabo okuzokhulunywa
nabo. UMphathi wezihlelo ube esephasisa leHotClock noma iPrep Sheet uma esezigculisile ukuthi awukho umthetho
ozophulwa ngabasakazi futhi akukho okuzofaka umsakazo ehlazweni.
Le-Hot Clock noma
iPrep Sheet ibe isigcinwa ukuze uma kwenzekela inhlangano eyangamele ezokusaka
kuleli okunguICASA eseiyifuna isiteshi siyikhiphe. Siphinde sibe nenhlangano yokufaka izikhalazo
ebizwa ngeBroadcasting Complaints Commission of South Africa(BCCSA), uma
kuwukuthi abalaleli abagculisekile noma bakholelwa ekutheni abasakazi baqamba
amanga ngodaba lukaSne noLwazi, kuzomele bafake isikhalazo kulenhlangano ,
nokuyiyo ezobe isiphoqa lomsakazo ukuthi udalule ukuthi bangobani laba oSne kanye
Lwazi, uphinde umsakazo ukhombise nokufakazi bokuthi uLwazi wababhalela
ngempela edinga usizo lokufaka isicelo somshado kuSne. Lena yiyona ndlela abalaleli abazokwazi ngayo
ukuthi ngabe laba baqamba amanga noma cha.
Abe BBCSA bayatholaka
kulezinombolo ezilandelayo okungu-011 326 3130 noma nge e-mail ethi bccsa@nabsa.co.za . uyakwazi futhi
ukubhalela kuleli kheli elithi BCCSA, PO Box 412365, CRAIGHALL, 2024.
Comments
Post a Comment