Baxoshelwani abasakazi esebebadala?
Durban, October 17, 2017: Kukhona isisho sesilungu esithi “Like fine wine radio presenters gets better with age”, ngiyaye ngizibuze umbuzo othi ngabe abaphathi bezinhlelo emsakazweni abakaze yini bahlangene nalesi sisho?
Sekukaningi sibona imisakozo eminingi ichitha abasakazi ngoba ithi sebebadala abasekho “relevant” kwimakethe. Lokhu kuvele kumangeze ngoba kwalabo basakazi ababizwa nge “young blood” bavele bashaye udaka okube sekumangaza ukuthi yini ke ebahlulayo ukuba relavant?
Uma uthi uthatha ukubheka, laba basakazi asebedabala ngingasho ngingabi namahloni ukuthi yibo kanye abaqonda abalaleli kanye nemikhokha (trends) emisha yezokusaka. Lokhu kufakazelwa izinombolo uma kuza ezinhlweni ezishayelwa yila basakazi okuthiwa sebebadala.
Ake sithathe uDudu “Lady D” Khoza nohlelo lwakhe uJabul’ujule, lulalelwa yiwo wonke umuntu kusuka kwabadaba kuya kubantu abasha. Yingoba lomsakazi uyakuqonda ukuthi kusho ukuthi ukukhuluma nomlaleli osekhulule nomlaleli osemncane emsakazweni.
Bheka uhlelo luka Wilson B Nkosi kuMetro Fm, lomsakazi ungimayibuthe, uhlelo lwakhe lulalelwa abancane nabadala, akagcini nje ukuba umayibuthe kubalaleli nje kuphela kodwa uphinde umayibuthe ngisho kubakhangisi.
Uke umuzwe nje uBra Wilson uma efunda isikhangiso (Live Read), kuyezwaka ukuthi sifundwa umsakazi osemkantsubovu okuqondayo ukuthi kusho ukuthi kumkhangisi ukukhokhela iLive Read, hhayi lembudane eyenziwa yilabasakazi abasebancane abangakuqondi lokhu.
Umuntu avele ashaye udaka kuze nomlaleli ashaywe amohloni, uzibuze ukuthi lomsakazi ubengazi yini ukuthi kumele afunde. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi labasakazi abasebancane bakuqonde ukuthi kungani umkhangisi engashongo ukuthi asiqoshwe isikhangiso sakhe kodwa wakhetha ukuthi sibe iLive Read. Lolu udaba lwangolunye usuku sophinde sibuyele kulona.
Uma ulalela uhlelo luka-DJ Fresh uzokuqoda kabanzi lokhu engikushoyo, lomsakazi usevuthwe ngendlela yokuthi uyayiqonda lento generational diversity and generational mix. Ngicabanga ukuthi yingakho abaphathi bomsakazo wentsha i-5FM bamgcina isikhathi eside kangaka, ngoba babekuqonda kahle lokhu akaze abasho ukuthi akasekho relevant kubantu abasha.
Uma uwumuntu olalela uhlelo luka-Ayanda Ntuli kwi-Vibe Fm uyawubona umehluko, uMphemba usehlale iskhathi eside emsakazweni futhi alukho uhlelo angalwenzanga ngakho uyakuqonda ukuthi umlaleli udingani. Kuloluhlelo asikho isikhathi samaphutha, ingcwenga yento kanti futhi into engithandayo ngoMphemba ukuthi uyakwazi ukufukamela ozakwabo abasebasha emsakazweni baze bathole ukuzethemba nabo.
Engikushoyo ukuthi imisakazo ayihlukane nokuxosha abasakazi ngoba ithi sebedadala, Buka umsakazo i-Radio 2000, lomsakazo ubophele izinkakha zabasakazi futhi lokhu kuyawusebenzela . Angisho ukuthi abasakazi abasebasha anganikwa ithuba kodwa makube nendlela lokhu okwenziwa ngayo, abangaphonswa esizibeni bese kulindele ukuthi bazobhudukua ebe bengafundiswangwa ukububhukuda ngoba lokhu kubulala ikusasa labaakazi .
Washonaphi nje u-Onke Mbatha obekwiGagasi Fm? Lentokazi ibikade ithembisa kodwa angikholwa ukuthi kwase kumele inikezwe uhlelo lwayo yodwa iqala nokuba semsakazweni omkhulu njengolona. Ukube baqale bamfaka nomsakazi osemkantubovu ofana no-Mzokhona Gumede noma uKing Sfiso ngabe kwabongcono kabi.
Omunye engimbona enyonyobelwa yilomshophi ngu Bongani oshayela uhlelo lwantambama ku-East Coast Radio, luyamsinda loluhlelo. Kuzothi uma izinombolo zabaleleli zingasahambi kahle lomsakazo umlaxaze. Kungakho ngithi abangaxoshwa abasakazi abadala.
Comments
Post a Comment