Bathelwe kanzima abasakazi abamnyama “kwezabamhlophe”

Durban, November 29, 2017 Bathelwe kanzima abasakazi bohlanga eziteshini zomsakazo ezilalelwa kakhulu ngabamhlophe kanye naboMdabu baseNdiya. Abalaleli bebela elimhlophe  kanye noboMdabu waseNdiya banokucabanga ukuthi abasakazi abamnyama banemiqondo emifushane futhi kumele basho lokhu okucabangwa yibo(abalaleli)  okanye  kumele babe nendlela ethize yokubeka izinto emoyeni.
Laba balaleli engibabiza ngo “bhola lami” kuzomele bakhumbule ukuthi abasakazi abamnyama abacabangi njengabo futhi abazosoze bacangaba njengabo. Lokhu kungenxa yesimo sokukhu siqhamuka ezindaweni ezingafani futhi sikhuliswe ngendlela engafani nakancane.
 Okunye futhi  okumele bakukhumbule ukuthi yebo imisakazo iyaye ibe nemakethe ethize eyisakazelayo kodwa  manje ayisekho  imisakazo esakazela abemhlophe nabomndabu waseNdiya kuphela. Sekue nezigameko eziningi lapho abasakazi abamnyama abasebenzela lemisakazo behlukumezela uma bekhuluma iqiniso futhi bebeka ubumo besimo senhlalo kuleli njengoba bunjalo.  Iqiniso ukuthi sadlula kubandlululo abakwazi ke abasazi ukwembathisa uma bekhuluma ngobandlulo emsakazweni. Iqiniso, yiqiniso nje kuzomele “obhola lami” balamukele libaba linjalo.
Uzokhumbula udaba lwenkumulo esuse umsindo kaTumi Morake wehlelo lwasekuseni emsakazweni iJacaranda FM osakaza ngeSingisi nagesiBhunu lapho ayekhuluma khona ngomonakalo owenziwa ubandlululo  kubantu abamnyama nangokuthi laba bebala bafune kube sengathi akwenzekanga lutho.
UMorake wakhuluma kanje : “It’s like a child whose bicycle was taken forcefully away from him. Then you say to the bully, ‘no, no, no. Share the bike together. Don’t be like that.”  Lenkulumo kaMorake yadina abaningi bebala elimhlophe  wathola nokwethukwa ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwathi abaKhangisi basabisa ngokuthi uma engaxoshwa uMorake bazohosha imfe.
Engikuthandayo ukuthi lomsakazo wameseka uMorake kukho konke waze wakhipha isitatimende esithi bona njengomsakazo bazimisele ukuvula inkundla yokuxoxisana kanye nokubeka izimvo ezahlukene ngenhloso yokubumba isizwe.Abaliboni iphutha kulokhu okushiwo yilomsakazi.
Kwabe lomsako uyinyathele emsileni abalaleli  abamhlophe kakhulukazi abangamabhunu besho ukuthi uma uMorake engaxoshwa kuzomele kuxoshwe uMphathi siteshi okufana nokuthi ufuye impaka.

Uzowukhumbula futhi umkhankaso owaqalwa abalaleli bomsakazo i-East Coast Radio kakhulu abamdabu waseNdiya bethi uPhat Joe obeshayela uhlelo lwantambama makahambe kulomsakazo ngoba ukhuluma izinto ezingehli kahle  kubona. Ayikho into eyiphutha eyabe yenziwa yilomsakazi ngaphandle kokuthi wayekhuluma iqiniso njengoba linjalo engalembathisi.
Lokhu okwenziwa yilezinhlanga kuwukubukela phansi abantu abamnyama ukuthi abakwazi ukucabanga, kumele bacatshangelwe. Enye  inkinga enkulu ngalaba “obhola lami” bazitshela ukuthi ayikho nje into esilie engenziwa umsakazi omnyama.
Phela emsakazweni uhlelo lwantamba nohlelo lwasekuseni yizona zinhlelo eziyimgogodla yomsakazo alunikwa noma ngubani. Futhi ungakuthathi kancane nje,kuyimpi yomshosha phansi yokuvimbela abantu abasakazi abamnyama ukuthi bangatholi lezi zinhlelo ezibalulekile hleze batshele izingane zabo amaqiniso bese ziyabajikela.
 Baningi abasakazi  abamnyama abathelwe kanzima  kulemisakazo elalelwa kakhulu yilezi zinhlanga okubalwa kubo o-Anele Mdoda owenza uhlelo lwasekuseni kuHighveld 94.7 FM eGoli, Thando Thabethe owenza uhlelo lwantamba ku 5 FM  ukubala nje abambalwa.
Ngebhadi ke labo laba “obhola lami” abasakazi abamnyama abayindawo futhi basazongena kulemisakazo futhi akukho  nokuncane abazokwenza ngalokho, abehlise umoya nje balalele umsakazo bona.



Comments

Popular posts from this blog

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings

Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli