Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings
Durban, December 06, 2017: Oshicilelweni lwangesonto eledlule ngikhulume
ngokubukeleka phansi kwabasakazi abamyama. Ngibe sengithola izeluleko eziwukugxeka
sakwakha, lokhu kungikhuthaze kakhulu angisho ngingananzi ukuthi ngiyayamukela
futhi ngiyaykuhlonipha imibono egxeka sakwakha.
KuleliSonto ngikhethe
ukuthi sibungaze uMzokhona “Mzokoloko” Gumede oshayela uhlelo lwasekuseni
emsakazweni iGagasi FM olubizwa nge- + I Love Mornings with Mzokoloko. UGumede uqophe umlando wokuba umsakazi
wokuqala ngqa kulomsakazo kanye nasezweni lonkana ukuthi abalaleli bakhe
bafinyelele kwisigidi(1 Million).
Lenqophamlando isho
ukuthi loluhlelo lukaMzokoloko yilona hlelo olulalelwa kakhulu kuleli uma
kuqhathaniswa neminye imisakazo yesifunda. Lokhu kuphinde kuchaze ukuthi lomsakazo(Gagasi
FM) yiwona osumkhulu ukudlula yonke imisakazo yesifunda(regional radio
stations) kuleli.
Yize ngimjabulela
uGumede kodwa ngijabula ngibuye nganeno ngoba ngiyazibuza nje ukuthi kophide
kuthathe isikhathi esingakanani ukuthola omunye uMzokoloko ozoqopha lomlando?
Kusazoba nzima ngoba abasakazi abaningi abasakwazi ukuba yibo( to be natural)
uma besemoyeni kodwa benza lento ebizwa ngokuthi ukungena kwi-character.
Uma ungumsakazi kumele ube yilento abalaleli
bakho abayiyo, uphefumule umoya
abawuphefumalayo futhi ukhulume ngendlela abakhuluma ngayo. Abasakazi abaningi abakwazi lokhu ngoba
abaphili nabalaleli, abasakazi kumele bakufunde ukuphila nabaleli babo.
Nanti ke iphutha
elenziwa abasakazi abaningi ukucabanga ukuthi uma sebehambe amakilabhu basuke
sebefikile kubalaleli babo.Basakazi bami abahle yehlani kulamahhashi
eniwagibele, abaleli atholakali kuFlorida
Road kuphela.
Phumani kuFlorida Road
basakazi nihambe imihlangano yomphakathi ukuthola ukuthi yini izinkinga zabantu
enibasakazelayo, phumani basakazi nivakashele amanyuvesi ukuqonda ukuthi lomphakathi
ohlala ngaphakathi ucabnaga kanjani ningezwa ngendaba. Anike nibonakale nje
abasakazi ngempelasonto eWena kwaMaqanda oFudu noma ezitolo ezibovu okanye
eMakethe nizihambela nje ukuqonda ukuthi ngabe lomphakathi ucabanga kanjani.
Uma bonke abasakazi
bengenza lokhu okungenhla ungabona zinganyuka kakhulu izibalo zabaleli futhi
nabasakazi ngeke bayeswele i-Content uma besemoyeni hhayo lendaba ka “Khonza
Radio”. Ayiphele lendaba ka”Khonza Radio” basakazi, philani nemiphakathi
eniyisakazelayo ukuze ngelinye Ilanga nani nenze izigidi zabalaleli.
Comments
Post a Comment