Ake Kumiwe Neziteshi Ezintsha zeTV

Kahleni bakwethu sizozibuka nini zonke lezi ziteshi zikamabonakude? Ngingumuntu okholwa ukuthi akumele imboni ethize iqhoqhobalwe umuntu oyedwa kodwa kulokhu ngiyavumelana nabakwa Etv ukuthi asikho isidingo sokuthi kube khona ezinye iziteshi zikamabonakude zamahhala. Abakwa Etv banxuse inhlangano elawula ezokusakaza kuleli Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) ukuthi ingabe isakhipha amalayisense eziteshi zikamabonakude zamahhala  ngaphandle kokuthi kwenziwe uphenyo ukuthi sikhona  yini isidingo seziteshi ezintsha noma cha. Uzokhumbula ukuthi ngonyaka wezi-2014 izinkampani i- Medo Investment, Hola Media, Infinity Media Networks yomndeni wakwaGupta, Rubicon Investment kanye ne-Change TV Network bafaka isicelo zokuba neziteshi zikamabonakude zamahhala, lezi ezaziwa ngama Free to Air Licence. Uzokhumbula ukuthi abakwa Etv kwaba abokuqala  inkampani ezimele ukunikezwa i-Free to Air Licence kuleli, phela thina besijwayele u-SABC 1,2 no 3.
Kubukeka ngathi kuzwakele ukukhala kwabakwa Etv, lapho abe-ICASA sebezichithile izicelo zalezi zinkampani.  Yize lenhlangano ithi kusamele yenze uphenyo lokuthi sikhona yini isidingo salezi ziteshi, kodwa ithi lusazovulwa kabusha uhlelo lokufaka izicelo.

Mina angisiboni ngempela isidingo salezi ziteshi ezintsha, ngaphezu kuka SABC 1,2,3 no ETV sinazo vele iziteshi zikamabonakude zomphakathi okuyi-One KZN, Soweto TV, Tshwane TV ,BAY TV, Cape Town TV kanye ne Gau TV.   Ngathi kumanje kuxabana imindeni kubangwa ukuthi yini ezobuka kuDSTV naku Open View HD. Angiboni ngempela into entsha ezofika nalezi ziteshi mina, ngisho ucwaningo lolo lwaka-ICASA angisiboni isidingo sazo ngempela. Cha ake kumiwe manje, ngiyavumelana nabakwa Etv.
Lombiko uqale ukuphuma ephephandabenu Ukhasi, 07 March 2016

Comments

Popular posts from this blog

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings

Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli