Idlalwa Kanjani Enenhlamba Emoyeni
Amaphutha
amancane lawa abantu abangawanaki ona into
ngisho ngabe yinhle kanganani, okubuhlungu ukuthi emsakazweni iphutha
elilodwa olenzayo lingakubangela ukuthi ulahlekelwe umlaleli noma abalaleli.
Ngomhlaka 19 February ngo-16 :25 ohlelweni i-Woza Nabangani Bakho oKhozini Fm
kwadlalwa ingoma ka-DMX esihloko esithi Who We Be, uma uyilalela lengoma inezinhlamvu
zenhlamba, okwangithusa kakhulu ukuthi idlalwa kanjani ingoma enenhlamba
emoyeni. Uma ngimcaphuna nje u-DMX khona la athi khona “ the Bullshit, the
drama, the guns, the armour” abuye futhi lapho ingoma isiya ngasekupheleni
athi “These motherfuckers don’t know who
we are” . . Abantu abadala engabe
ngihlezi nabo baze bacela ukuthi ngivule esinye isiteshi , ngathi uma ngithi
ingoma isiphelile bangibuza ukuthi ngazi
ngani noma uTshatha no Selby bazophinde
badlale enye ingoma ezoqhulula inhlamba.
Kuyamangaza
ukuthi uhlelo olunoMdidiyeli kanye nabethuli ababili lungenza leliphutha
elingaka. Ngaphandle nje komdidiyeli wohlelo, kukhona laba ababhekele ukudlalwa
komculo (Music Compilers) emsakazweni, balenza kanjani iphutha lokuthi lengoma
ingene emshinini? Engikwaziyo ukuthi
izinkampani zomculo uma zilethe ingoma emsakazweni, lengoba ezifuna ukuthi
idlalwe ziyiletha ibe kabili, kukhona le abayibiza nge-clean version noma
i-radio version. Lokhu kwenzelwa ukuthi kungadlalwa ingoma enenhlamba emsakazweni.
Uma kuwukuthi abayilethenga i-radio version noma i-clean version,
ama-Techinical Producers ayakwazi ukuthi ahlunge lezinhlamvu ezinenhlamba
engomeni. Umbuzo enginawo ukuthi yabe ingekho yini i-clean version yalengoma?
Uma yabe ingekho bahlulwa yini ukunzikeza uTechnical Producer ukuthi acime
lezinhlamvu ezinenhlamba? Umsakazo unamandla amakhulu kabi ngabo kumele
siqaphele njengabasazaki kanye nabadidiyeli bezinhlelo ukuthi yini esidlalayo
emsakazweni singabulali isizwe. Ngazitshela ukuthi wonke umuntu uyalenza
iphutha, kunokwenzeka ukuthi lengoma ingene ngephutha, ngilindele ukuthi
uTshatha no Selby bazoxolisa uma isiphela kodwa lutho babeyijabulele baze bathi
ukuyilingisa nabo. Ngaxaxeka ukuthi abazwanga nje ukuthi lengoma inenhlamba.
Ngokuzayo kumele
siqaphele ukuthi amaphutha afana nalawa awenzeki, angazi ukuthi abantu abadala
engangihlezi nabo basaluvula yini uKhozi ntambama.
Comments
Post a Comment