Ngeke ilibone elidlalayo iNetflix kuleli
Ubaba ongizalayo oyaye athi kimina
uboqaphela amadlelo aluhlaza ngoba uwabona eluhlaza usakude kodwa uma usondela
kuwona uyaqala ubone ukuthi cha awekho luhlaza njengoba kade ngisawabukela
kude. Kuqhume umkikizo abantu bejabulela ukuthi isiteshi esitholakala
kwi-Internet i-Netflix sezotholakala nakuleli. Kwakuyigidigi abanye baze basho
ukuthi sekuyisikhathi sokuthi abakwa-DSTV bathole imbangi ngoba sebedakwe
ukusutha. Ngibe umkhaya nomuntu ongazazi izinto uma ngiphuma eceleni ngithi,
kungathi sisapatanisa ama-Data kaWhatsApp sowathathaphi ke lawa okutamuza
amabhayisikobho kanye nama series kuNetflix. Ukuze ukwazi ukubuka iziteshi
zakwaNetflix kumele ube nocingo noma i-tablet ozokwazi ukuyifaka i-Netflix App,
yize ungakwazi ukusebenzisa i-decoder lena bona abayibiza nge set-top-box
nakhona usading ukuthi ube ne-internet. Sonke siyazi ayabiza ama –data bundles,
hlezi ngizwa abantu bekhala ubumayemaye bethi iphone idle airtime yabo bese
kuyatholakala ukuthi bekade eku-internet.
Kusekude ukuthi uwe u-DSTV, njengoba
usanda kwethula isiteshi samanani aphansi i-Go Tv, lesi siteshi uzothola
ama-channel akwa DSTV angu-12 ngo R99. Lama-channel ahlanganisa uMzansi Magic
kanye no Supersport. Buka ke uzokhokha u-R99 kanye ngenyanga uzibukele i-Tv
kanti ngaba kwaNetflix ama-data bundles ka R 99 angikholwa nokuthi angakuqhuba
isonto lonke. Kanti ngakolunye uhlangothi nesiteshi sakwa-Etv okuyi-OpenViewHD
nayo idlondlobala, lapha ukhokha kanye mhla uthenga indishi kanye ne-decoder
bese ubuka mahhala koze kubuye uJesu. Abakwa OpenVeiwHD basanda kudalula ukuthi
sebenamakhasimnde evile ku-200 000. Usawukhumbula uTop Tv nawo awuzibekle
phansi basanda kuzethula kabusha njengoba sebebizwa ngeStarSat- Digital kanti
nabo ukhokha uR99 kuphela ngenyanga. Abe StarSat basanda kwenza isivumelwano
nabe eTv ukuthi bakhombise ngesiteshi i-eKasi+ ukuze bakwazi ukuheha abantu
bakuleli. Lokhu kusho ukuthi izinhlelo ze eKasi+ ezifana ne Catch it With
Khanyi Mbau ngeke usazithola kwi eTv , OpenViewHD kanye naku eBotswana kuphela
kodwa nakuyoStarSat. Namanje ngisasho angiboni iNetflix idlondlobala kuleleli
ngaphezu kwalemikhiqizo evele ikhona.
Comments
Post a Comment