#AmanqampuMustFall

ONGCWETI kwezokuKhangisa bazokutshela ukuthi into yokuqala okumele uyazi ukuthi uyaphi ngoba uma ungazazi ukuthi uyaphi uzophelela etalashishi njengoJona waseBhayibhelini. Baphinde futhi bathi kumele wazi amandla akho kanye nobuthakathaka bakho bese uhlale uqaphele ukuthi izimbangi zakho zenzani futhi ngasikhathi sini?
Nakhu la ngibheke khona, uMkhuzi wamaSosha wodumo uNapoleon Bonaparte uthi “Ungalinge uphazamise imbangi yakho noma isitha sakho uma senza iphutha,”
Ngicabanga ukuthi  uMdidiyeli  kanye noMsakazi woHlelo iKwasa Breakfastshow emsakazweni owenza inzuzo i-Vuma 103 FM uPhumlani Dube kanye noLinda Sibiya banenkolelo efanayo naloMkhuzi wamaSosha waseFrance.
Uzovumelana nami ukuthi selokhu kufike uBig Pun loluhlelo luguquke ngendlela eyisimanga. Izimpande zalo zisemphakathini nqqo! Ngiyacabanga uyazibuza ukuthi ngibaqhathanisa nobani? Phela izimbangi zabo yibo oSqgemeza no Zama Ngcobo kwiVuka Mzansi Breakfastshow.
 Ngicela singayibangi eyeLSM udaba lwangolunge usuku. Okusalayo bobabili babanga abalaleli abakhuluma isiZulu.Uhlelo kula Dube noSotobe lugxile kakhulu ezintweni ezenzeka emphakathini. Isisekelo sanoma yimuphi umsakazo ukuqonda abalaleli noma umphakathi osakazelwayo kanye nezidingo zawo.  
Lendaba yokuthi kuthiwe sekuphele amasonto amanzi engekho eNyanyadu bese uMdidiyeli woHlelo noMsakazi bavulela olayini ukuthi abantu abaphawule.Ukuphawula, ukuphawula bakwethu akusizi muntu nomphakathi othintekayo ungathintiwe kanye nalabo okumele bahlinzeke ngamanzi bengathintiwe. Ngapha kuSqgemeza no Zama angazi ngempela konakelephi, angikholwa bayazi bayaphi futhi kushaywa amanqampunqampu  kuhle koMfundisi enkonzweni yomngcwabo weqabane.

Bona bayawagcina ama-basics njalo ngenyanga uhlelo lwabo luyahambisana ne-theme yenyanga. Ngenxa yamanqampunqampu ugcina ungatholanga umongo wohlelo. Kuyaxaka ngoba phela bafika bazi ukuthi uhlelo lungamahora amathathu. Kafushane nje uDube noSibiya bayazazi ukuthi bayaphi futhi abazimisele ukuphazamisa isitha.  Ikhona inkinga lapha kwiVuka Breakfast show, ngiyaxakeka ngoba phela lusadidiyelwa nguye uSma Mathibeli obenza umsebenzi oncomekayo ngaphambi kwezinguquko kanti noMthiya naye wayazi kahle ukuthi usakazela futhi ukhuluma nobani ngesikhathi esashayela i-Woza Nangani Bakho Afternoon Drive. IsiZulu sithi utshani obulele buvuswa ngomlilo. Niyothi niphaphama nitatazela namabhakade amanzi we-Mthiya no MaNgcobo uyobe usuwubuhanguhangu umlilo kaDube no Sotobe.  Ukube kade siyizimbangi cha nami bengizoniyeka njengokusho kukaNapeleon.Ukunitakula ngizoqala umkhankaso othi #AmanqampuMustFall

Comments

Popular posts from this blog

ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile

Uqophe umlando uMzokoloko we I Love Mornings

Abasale ku-2017 ovilavoco bezintatheli