Kudlalwa ngezingane kuma-IdolsSA
Abukho ubulungiswa ohlelweni lama-Idols,
ngibonile nje abantu bejabulela ukuthi kuwine uKarabo Mogane. Yebo ngimujabulele umfoka Mogane kodwa
ngaphinde ngaba nokumudabukela ukuthi kungenzeka kube ukuphela kwakhe ke lokhu.
Selokhu ngaqala ukulandela loluhlelo lomculo angigculisekile ngendlela abaqhuba
ngayo. Ngidabuke kabi ngibona uVincent
Bones ecula ngesikhathi kumenyezelwa owinile kulonyaka, selokhu ngagcina
ukumbona ngesikhathi ewina ngonyaka odlule. Indaba kaMusa Sukwene angiyiphathi
ngisho ukuyiphatha, kazi washonaphi angikaze ngizwe ngisho kuthiwa khona la ake
abonakala khona kwangoma yakhe angikaze ngiyizwe emsakazweni.
Lento yokuthi ama-Idols abe khona
minyaka yonke ayibenzi ubulungiswa kulaba abasuke bewinile. Kudlalwa ngezingane
zabantu, kwenziwa imali nje zona zisale zingena lutho. Ngicabanga ukuthi ama
Idols kumele abekhona njalo ngemuva kweminyaka emibili. Lokhu kuzonikeza
abadidiyeli baloluhlelo ithuba lokhuthi lowo osuke ewinile aqophe ngaphandle
kokutatazela, bese abakwa-Universal bezinikeza isikhathi esanele sokumaketha
icwecwe lakhe kanye naye. Ngicabanga ukuthi ngemuva kweminyaka emibili lowo
osuke ewinile engabe esekwazi ukuzimela.
Uzobona kuzothi singakazi nokuthi lithini igama
le-album ka-Karabo abenzi baloluhlelo bazobe sebesifundekela ngama auditions
ka-2016. Bakhangisa uhlelo lwabo
ukudlula ukukhangisa lowo osuke ewinile ne cwecwe lakhe. Labantu bagijimisa inzuzo phambili abanandaba
ngempela nezingane ezisuke zingele lomcintiswano. Kulonyaka lomcintiswano
uthole amavoti angu 20 million, bekubiza u-R 1.50 ukuvota . Lokhu kusho ukuthi
loluhlelo lenze imali engaphezu kuka R 3000 0000 (Three hundred million)
kulonyaka. Bheka ke ukuthi umuntu owinile uthole malini? Ngicabanga ukuthi
ababukeli nokuyibo abavotayo kubamele bakusukumele lokhu , angikhathali ngisho
ungathini kudlalwa ngezingane zabantu lapha kugaywa imali nje ngazo.
Abaculi esebemkatshubovu kulendima
bazokutshela ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi inkampani oqophe kuyona
iwumakethe umsebenzi wakho. Ngicabanga uke uzwe
abaculi sebethu bayashiya enkampanini abaqopophe kuyona ngoba imisebenzi
yabo ayimakethwa. Uzomkhumbula uLira ehamba e-999 Music, uLvovo Derango ehamba
ngaphansi kwabe EMI Music, Sphokazi naye wakhala esifanayo ehamba eNative
Rythems nabanye abaningi. Koze kube nini ngempela abakwa-Universal bedlala ngezingane zabantu?
Ngicabanga ukuthi singabalandeli
nabavoti baloluhlelo kumele siyazi
imibandela yenkontileka yomuntu osuke
ezowina lomncintiswano ukuze uma sivota sivote sazi ukuthi simfaka kuluphi
utaku.
Comments
Post a Comment