ILigwalagwala FM liyilamule kwabaningi ebebencela ngofile
Kuphelile ukuba yizintandane komphakathi
waseNgwavuma, Jozini kanye nakwaMhlabuyalingana njengoba umsakazo wesiSwati, i-Ligwalagwala
Fm usutholaka kulezi zindawo ku 103.5fm. Lokhu kulandela ukuthi izikhulu
zomsakazo zithathe isinqumo sokugxumeka umbhoshongo kulezi zindawo. Ngithi
kuphele ubuntandane nje ngoba ikulezi lezi zindawo kuphela lapha
kwelikaMthaniya lapho ofica khona abantu abaningi abakhuluma isiSwati kodwa
umsakazo wakuleli osakaza ngolwimi lwabo ubungafinyeleli kubona. Ngiyazi
kubuhlungu kanjani ukuba sendaweni lapho ungakazi khona ukukhuluma ulwimi
lwakho , lokhu obekwenzeka kulomphakathi ngikakufanisa nje nokucwasa, kodwa
wona ubucwaswa ngokolwimi. Uma ukhululele kulezi zindawo uzomvumelana nami
ukuthi isiteshi ebesize siyilamule futhi ekade silalelwa kakhulu kulezi zindawo
kade yi-SBIS 1 (Swaziland Broadcasting Information Services 1), engani phela
zisemgceleni waseSwazini. Uzophinde uvumelane nami ukuthi abantu bakulezi zindawo
kade bengaphuthelwa uhlelo luka Sgayoyo Magongo lwe-Country Music ngeMgqibelo kanti ngamaSonto ngezikhathi
zantambama lapha koBambanana, Nyathini, eManyiseni , Nkungwini nakoMachobeni ubungeke
udlule umuzi kulezi zindawo kungalalelwe uhlelo luka Bongani “Sqoko Siyancinca”
Dlamini lapho wayesuke eqhulula khona amanoni apholile.
Ukufinyelela
kweLigwalagwala Fm kulezindawo kuzosivala khaxa isikhala SBIS 1 njengoba abantu
sebezothokozela izinhlelo zalomsakazo ngolwimi abaluqondayo nabaluthokozelayo.
Ngiyacabanga nje ukuthi uhlelo lukaMadumane ngeSonto luzosivala khaxa isikhala
sika Sigqo Siyancinca kanye nezinye izinhlelo zalomsakazo ezihamba phambili.
Lomsakazo onekoMkhulu eMpumalangana uphinde utholakale koNewcastle, Dundee
kanye nako Utrecht. Yize lokhu kade kungishiya nombuzo wokuthi kungani
utholakala kalula kulezindawo yize bengekho abantu abakhuluma isiSwati. Ukunabela kwalomsakazo kulezi zindawo
kuzothwalisa kanzima i-Maputaland Radio njengoba ibikade izikhethela umbele
ogwansile nje kulezi zindawo. Ukunabela
kweLigwalagwala Fm kulezi zindawo ngeke nje kuzuzela lomsakazo abalaleli kodwa
kuzosiza ukuqinisa nokunothoisa ulwimi lwesiSwati, uzokhumbula ukuthi ngenxa
yokuthi lezindawo ziphindile zisondelane nezwe iMozambique ubusuthola abantu
abakhuluma ulwimi lwesithonga. Khona kusazominyana untshumo emisakazweni
kulesiFundazwe njengoba neVuma Fm nayo ingazibekile phansi nayo inwenba
imibhoshongo, khona maduze nje lomsakazo
uzobe sewuzwakala koLadysmith nako Newcastle
Lombiko uqale waphuma ephephandabeni Ukhasi, 07 March 2016
Comments
Post a Comment