Baxoshelwani abasakazi esebebadala?
Durban, October 17, 2017: Kukhona isisho sesilungu esithi “Like fine wine radio presenters gets better with age”, ngiyaye ngizibuze umbuzo othi ngabe abaphathi bezinhlelo emsakazweni abakaze yini bahlangene nalesi sisho? Sekukaningi sibona imisakozo eminingi ichitha abasakazi ngoba ithi sebebadala abasekho “relevant” kwimakethe. Lokhu kuvele kumangeze ngoba kwalabo basakazi ababizwa nge “young blood” bavele bashaye udaka okube sekumangaza ukuthi yini ke ebahlulayo ukuba relavant? Uma uthi uthatha ukubheka, laba basakazi asebedabala ngingasho ngingabi namahloni ukuthi yibo kanye abaqonda abalaleli kanye nemikhokha (trends) emisha yezokusaka. Lokhu kufakazelwa izinombolo uma kuza ezinhlweni ezishayelwa yila basakazi okuthiwa sebebadala. Ake sithathe uDudu “Lady D” Khoza nohlelo lwakhe uJabul’ujule, lulalelwa yiwo wonke umuntu kusuka kwabadaba kuya kubantu abasha. Yingoba lomsakazi uyakuqonda ukuthi kusho ukuthi ukukhuluma nomlaleli osekhulule nomlaleli osemncane emsakazweni....