Idlalwa Kanjani Enenhlamba Emoyeni
Amaphutha amancane lawa abantu abangawanaki ona into ngisho ngabe yinhle kanganani, okubuhlungu ukuthi emsakazweni iphutha elilodwa olenzayo lingakubangela ukuthi ulahlekelwe umlaleli noma abalaleli. Ngomhlaka 19 February ngo-16 :25 ohlelweni i-Woza Nabangani Bakho oKhozini Fm kwadlalwa ingoma ka-DMX esihloko esithi Who We Be, uma uyilalela lengoma inezinhlamvu zenhlamba, okwangithusa kakhulu ukuthi idlalwa kanjani ingoma enenhlamba emoyeni. Uma ngimcaphuna nje u-DMX khona la athi khona “ the Bullshit, the drama, the guns, the armour” abuye futhi lapho ingoma isiya ngasekupheleni athi “These motherfuckers don’t know who we are” . . Abantu abadala engabe ngihlezi nabo baze bacela ukuthi ngivule esinye isiteshi , ngathi uma ngithi ingoma isiphelile bangibuza ukuthi ngazi ngani noma uTshatha no Selby bazophinde badlale enye ingoma ezoqhulula inhlamba. Kuyamangaza ukuthi uhlelo olunoMdidiyeli kanye nabethuli ababili lungenza leliphutha elingaka. Ngaphandle ...